تحميل بصيغة PDF
العودة لقائمة القصص

Umondli Nombali Bavakashela Ugogo Wabo في عطلة مع الجدة

كُتِب بواسطة Violet Otieno

رسمة بواسطة Catherine Groenewald

بترجمة Pumla Mdontswa

قرأه Beauty Ngwenya

لغة الزولوية

مستوى المستوى 4

سرد للقصة كاملة

سرعة القراءة

تشغيل تلقائي للقصة


UMondli noMbali babehlala edolobheni nobaba wabo. Babekujabulela ukuvalwa kwezikole ngoba babezovakashela ugogo wabo. Phela ugogo wayehlala kwesinye isigodi esasinedamu elikhulu lapho kwakudotshwa khona izinhlanzi. Abantu bakule ndawo babekhonzile ukudoba.

كان أودنقو وأبيو يعيشان مع أبيهما في المدينة، وكانا ينتظران العطلة بفارغ الصبر، ليس فقط لأن المدرسة ستغلق أبوابها ولكن أيضا لأنهما يريدان زيارة جدتهما التي كانت تعيش في قرية صيد محاذية لبحيرة كبيرة.


UMondli-ke babejabule kakhulu kulokhu ngoba nabo ngalesi sikhathi, babezovakashela ugogo wabo ohlala kulesi sigodi esinedamu. Ngobusuku okwakuzosa bahambe ngabo, bapakisha izikhwama balungiselela uhambo olude oluya kwagogo. Ubuthongo babungafiki, bexoxa ubusuku bonke, izinhliziyo zilangazelela leli holide.

كان أودنقو وأبيو متحمسين أشد الحماس لأن الوقت قد حان لزيارة جدتهما من جديد. وفي الليلة التي سبقت الزيارة، حزم الصغيران حقائبهما واستعدا للرحلة الطويلة التي ستأخذهما إلى قرية جدتهما. لم يستطيعا ليلتها النوم، ولبثا يتحدثان عن العطلة طوال الليل.


Ekuseni ngovivi, baqala uhambo lwabo ngemoto kababa wabo. Imoto yayihamba idlula izintaba, amaqguma, wena zilwane zasendle namasimu. Babeloku bebalana nezimoto eziphambana nabo nalezo abazedlulayo. Babebuye bacule bejabulele indlela.

وفي صباح اليوم الموالي، امتطى الصغيران سيارة أبيهما وقصدا القرية باكراً. كانت السيارة تشق طريقها عبر الجبال وبين الحيوانات البرية ومزارع الشاي، وكان الصغيران يحصيان عدد السيارات ويغنيان.


Emva kwesikhashana, lapho ubaba ezwa sekuthule, waqalaza, wabathola sebefile ubuthongo.

لكن وبعد فترة من الوقت، شعر الصغيران بالتعب وغلبهما النعاس فاستسلما للنوم.


Kuthe sebengena esigodini lapho ugogo ehlala khona, ubaba wabo wabavusa. Nanguya ugogo, uNobuntu, eziphumulele phansi kwesihlahla. Ugogo kwakuyintombi ezithandayo, ebathanda abantu njengegama lakhe. Wayemuhle, ekhuthele, ephiwe nempilo enhle.

أيقظ الأب الطفلين أودنقور وأبيو لدى وصولهما إلى القرية. وجد الصغيران جدتهما، نيار كنيادا، تستريح على حصير تحت شجرة. كان اسمها بلغة الليو يعني “ابنة شعب كنيادا” وكانت امرأةً جميلةً وقويةً.


Ugogo wathi vuthu lapho ayehleli khona, wabamukela, egidagida, ecula yedwana yinjabulo yokubona abazukulu bakhe. Nabo abazukulu babejabule. Ngokushesha babekhipha imithwalo yabo, bedlulisa nezipho ababeziphathele ugogo edolobheni. “Gogo! Gogo! Vula esami kuqala isipho,” kumemeza uMondli. NoMbali naye ngapha ubelesele, ufuna ugogo avule esakhe isipho kuqala.

استقبلتهما الجدة بحفاوة في منزلها ورقصت وغنت من شدة الفرح. كان الحفيدان مغتبطين بإعطاء جدتهما الهدايا التي اشتروها لها من المدينة. قال أودنقو: “جدتي.. افتحي هديتي أنا أولاً”. وقالت ابيو: “لا جدتي، هديتي أنا أولاً”


Emva kokuvulwa kwezipho, ugogo wababusisa ngokwesiko labo.

وبعد أن فتحت نيار كنيادا الهدايا، شكرت حفيديها وباركتهما على الطريقة التقليدية.


UMondli noMbali, nabaya, phandle sebeyogijimisa izinkukhu namadada, bafuna nokubamba izinyoni.

بعد ذلك، خرج اودنقو وابيو إلى الحقول فلاحقا الفراشات والطيور.


Abazukulu babekujabulele ukuba kwagogo, bemsiza ngemisebenzi yasekhaya, bedlala nemidlalo abangayijwayele njengokucaca izihlahla nokubhukuda edamini.

وتسلقا الأشجار واستحما في ماء البحيرة.


Ngakusihlwa babebuya endlini bekhathele, bafike badle. Kwesinye isikhathi babengaqedi naloko kudla abakubekelwe, babanjwe ubuthongo nokukhathala.

ولما أقبل المساء رجعا إلى المنزل ليتناولا العشاء. لكن قبل أن ينهيا طعامهما كان الصغيران قد غلبهما النعاس فناما.


Ngosuku olulandelayo, ubaba wabo waphindela edolobheni, wabashiya bezijabulisa nogogo wabo.

وفي اليوم الموالي انطلق الأب بسيارته إلى المدينة وترك الصغيرين صحبة جدتهما نيار كنيادا.


UMondli noMbali basiza ugogo wabo ngokwenza imisebenzi yasendlini. Babekha amanzi batheze izinkuni. Babeqoqa namaqanda ezidlekeni zezinkukhu babuye bakhe imifino engadini.

ساعد أودنقو وأبيو جدتهما في شؤون المنزل، فكانا يحضران الماء والحطب ويجمعان البيض من قن الدجاج ويلتقطان الخضار من الحديقة.


Ugogo wayesefundise abazukulu nokupheka ukudla kwesintu kanye nokunye okulula.

علمت نيار كنيادا حفيديها كيفية صنع الأوقالي اللين لتناوله مع الحساء، كما علمتهما كيفية صنع رز جوز الهند لتناوله مع السمك المحمر.


Ngelinye ilanga ekuseni uMondli wakhipha izinkomo zikagogo edlelweni, ethi uyokwelusa. Zagijima zangena epulazini likamakhelwane. Umakhelwane owayengumlimi wathukuthela efuna nokuzivalela ngoba zidle izitshalo zakhe. Emva kwalokhu uMondli waqinisekisa ukuthi azisophinde zingene enkingeni efana nalena.

وفي صباح أحد الأيام، أخذ أودنقو بقرات جدته إلى المرعى، فأسرعت البقرات بالدخول إلى حقل أحد المزارعين. غضب المزارع من أدنقو وهدد بأن يحتفظ بالبقرات عنده لأنها أكلت محصوله. ومنذ ذلك اليوم، عزم الولد على ألا يترك البقرات تتسبب في أي مشكل جديد.


Ngolunye usuku, izingane zahamba noNobuntu zaya emakethe. Wayenetafula lapho ayethengisa khona imifino, izithelo nezinye izinto ezincane ezidingwa umphakathi. UMbali wayethanda ukutshela abathengi ukuthi izinto zibiza malini, ahlanganise, athathe imali. UMondli yena, wayesongela abathengi izimpahla zabo abazithengile.

وفي يوم آخر، ذهب الصغيران مع نيار كنيادا إلى التسوق. كانت الجدة تضع الخضار والسكر والصابون على منصة لبيعها وكانت أبيو تعلم الزبائن بثمن السلع. أما أودنقو فقد كان يلف المشتريات للزبائن.


Ekupheleni kosuku, babephuza itiye babukeze usuku, kube mnandi. Abazukulu bebemsiza ugogo ukubala imali ayenzile ngalolo suku.

وفي نهاية اليوم شربوا شاي تشاي معا وساعدوا الجدة في حساب المال الذي حصلت عليه.


Kodwa amaholide asheshe aphela. Kwasekufanele ukuthi babuyele esikoleni edolobheni. Ugogo wapha uMondli ikepisi kanti uMbali wamupha ijezi. Wabapakishela nomphako wendlela ephindela edolobheni.

غير أن العطلة انتهت بسرعة، وكان لزاماً على الصغيرين الرجوع إلى المدينة. أهدت نيار كنيادا قبعة لأودنقو وسترة لأبيو، كما أعدت لهم طعاماً من أجل الرحلة.


Babengasafuni ukugoduka, lapho ubaba wabo efika esezobalanda. Bancenga ugogo ukuba ahambe nabo, aye edolobheni. Wayevele amoyizele athi, “Sengimdala kakhulu ukuthi ngingahlala edolobheni. Ugogo uzosala lapha ukuze nibuye futhi nizojabulela amaholide ahlukile.”

وعندما جاء أبوهما لاصطحابهما معه إلى المنزل، لم يريدا المغادرة، بل رجوا نيار كنيادا أن تذهب معهما إلى المدينة. ابتسمت الجدة وقالت: “لقد أصبحت عجوزاً، ولن أستطيع الذهاب إلى المدينة. سوف أنتظر حتى تعودا إلى قريتي من جديد”.


Bavalelisa, bamanga ugogo ngezinhliziyo ezibuhlungu.

عانق أودنقو وأبيو جدتهما بحرارة وودعاها.


Baphindela edolobheni, bafike baxoxela abangane babo ngamaholide abo kwagogo wabo nangempilo yasemaphandleni. Ezinye izingane zazithi impilo yasedolobheni yinhle. Ezinye kodwa zazicabanga ukuthi eyasemaphandleni ingcono. Ngaphezu kwako konke, zonke izingane esikoleni zazivumelana ngokuthi uMondli no Mbali babenogogo oyisimanga!

ولما عاد أودنقو وأبيو إلى المدرسة، حدثا أصدقائهما عن الحياة في القرية. أحس بعض الأطفال أن الحياة في المدينة جميلة بينما أحس البعض الآخر أنها أجمل في القرية. لكنهم اتفقوا جميعا على ان لأدنقو وأبيو جدة رائعة.


كُتِب بواسطة: Violet Otieno
رسمة بواسطة: Catherine Groenewald
بترجمة: Pumla Mdontswa
قرأه: Beauty Ngwenya
لغة: الزولوية
مستوى: المستوى 4
المصدر: Holidays with grandmother از القصص الأفريقية القصيرة
رخصة المشاع الإبداعي
تحت مجوز المشاع الإبداعي نَسب المُصنَّف 4.0 دولي کریتز کامنز به نشر رسید.
بیشتر بخوانید سطح 4 داستان ها:
خيارات
العودة لقائمة القصص تحميل بصيغة PDF