تحميل بصيغة PDF
العودة لقائمة القصص

Ukuziphindiselela kweNgede انتقام طائر دليل المناحل

كُتِب بواسطة Zulu folktale

رسمة بواسطة Wiehan de Jager

بترجمة Phumy Zikode

قرأه Beauty Ngwenya

لغة الزولوية

مستوى المستوى 4

سرد للقصة كاملة الصوت لهذه القصة غير متوفر.


Lena yindaba yeNgede, nomfanyana owayehala uSibusiso. Ngelinye ilanga uSibusiso wayeyozingela wezwa uNgede. Umlomo kaSibusiso waqala waconsa amathe esecabanga uju. Wama wazama ukulalelisisa, wayifuna waze wayibona inyoni ihlezi emagatsheni esihlahla phezulu. “Chitik-chitik-chitik,” Kusho inyoni encane idiniwe, indizela esihlahleni esilandelayo, nesilandelayo. “Chitik, chitik, chitik,” Iqhubeka nomsindo, ihamba ima ukuqinisekisa ukuthi uyayilandela uSibusiso.

هذه قصة دليل المناحل، نجيد، وشاب يدعى جنجيل. في يوم من الأيام، كان جنجيل خارج البيت في رحلة صيد عندما سمع صوت نجيد، دليل المناحل. سال لعاب جنجيل، فقد ذكره صوت الطائر بطعم العسل، فتوقف وبدأ يستمع بانتباه ويبحث عن العصفور حتى لمحه بين أغصان الشجرة، فوق رأسه. خشخش العصفور الصغير “شتيك، شتيك، شتيك.” وهو يقفز من شجرة إلى أخرى متوقفا بين الفينة والفينة حتى يتأكد من أن جنجيل كان يتبعه.


Emva kwesikhathi eside, bafika esihlahleni esikhulu somkhiwane. Ingede yagxumagxuma emagatsheni. Yagcina seyisegatsheni elilodwa yabheka uSibusiso sengathi ithi, “Nakhoke! Ulindeni?” USibusiso wayengaziboni izinyosi esihlahleni kodwa wayeyithemba iNgede.

بعد نصف ساعة، وصل الإثنان إلى شجرة تين ضخمة. أخذ نجيد يقفز من غصن إلى غصن ويطل برأسه على جنجيل وكأنما ليقول له: “ها أنا ذا، تعال الآن، ما الذي يجعلك بعيدا هكذا؟”. لم يستطع جنجيل أن يرى النحل من مكانه تحت الشجرة، غير أنه وثق بنجيد.


USibusiso wabeka phansi umcibisholo wakhe wokuzingela ngaphansi kwesihlahla, wacoshela izinkunyana bese wabasa umlilo omncane. Ngesikhathi umlilo usuvutha kahle, wathatha ukhuni olomile walufaka enhliziyweni yomlilo. Lolukhuni lwalaziwa ngokuba nentuthu eningi uma luvutha. Wagibela esihlahleni, ebambe ngamazinyo isidunu esingashisi salolukhuni

وضع جنجيل رمحه تحت الشجرة وجمع بعض الأغصان اليابسة وأشعل النار. وما إن توهج اللهب، حتى أخذ جنجيل عصا طويلة من خشب يابس ووضعها في النار لتحترق فتخرج دخانا كثيفا لدى احتراقها. ثم بدأ جنجيل يتسلق الشجرة حاملا العصا ذات الدخان الكثيف بين أسنانه ماسكا إياها من طرفها غير المحترق.


Ngokushesha wezwa umsindo wezinyosi zibubula. Zazingena ziphuma embobeni yesihlahla, esidlekeni sazo phela. Ngesikhathi uSibusiso efika esidlekeni sezinyosi washutheka ukhuni oluthunyayo embotsheni. Zaphuma ngokushesha, zidiniwe futhi zididekile. Zandiza zabaleka ngoba zingazwani nentuthu, kodwa ngaphambi kokuba zibaleke zaqale zamzwisa ubuhlungu uSibusiso ngokumtinyela!

وسرعان ما سمع جنجيل أزيز النحل العالي وهو يدخل ويخرج من جوف جذع شجرة التين أين توجد الخلية. وعندما بلغ جنجيل خلية النحل، دفع بطرف العصا المدخن داخل جوف الشجرة. فهرع النحل إلى خارج الخلية ساخطاً مزمجراً وطار عالياً تاركاً المكان، لكن ليس قبل أن يكيل بعض اللدغات الموجعة لجنجيل.


Zathi sezibalekile, uSibusiso washutheka izandla esidlekeni. Wakhipha izandla sesigcwele ikhekheba, eliconsa uju olunamafutha, nenhlava emhlophe. Ngokucophelela wafaka ikhekheba esikhwameni ayesiphethe bese wasigaxa ehlombe, waqala wehla esihlahleni.

عندما ابتعد النحل، مد جنجيل يديه إلى الخلية في جوف الشجرة وبدأ يستخرج حفنات من أقراص الشمع المخضبة بالعسل والدهون واليرقات البيضاء. وضع جنجيل أقراص الشهد بكل عناية في حقيبته ونزل من أعلى الشجرة.


Ngokulangazelela, iNgede yabuka yonke into eyayenziwa uSibusiso. Yayilindele ukuba uSibusiso ayishiyele ikhekheba ukubonga usizo lwayo. Ngokukhulu ukushesha iNgede yasuka yahlala igatsha negatsha, iya ngokusondelela phansi. Ekugcineni uSibusiso wafinyelela phansi. iNgede yahlala phansi etsheni eduze komfana elindele ukuthi ayibonge.

كان نجيد يراقب بانتباه ما كان يفعله جنجيل وكان يأمل أن يكافئه بقطعة كبيرة من أقراص الشهد الملآنة بالعسل. فأخذ يرفرف من غصن إلى غصن ويقترب رويداً رويداً من الأرض حتى وصل إلى أسفل الشجرة. حط نجيد على صخرة على مقربة من جنجيل ومكث ينتظر أن يناوله مكافأته.


USibusiso wacisha umlilo,wacosha umcibisholo wakhe wahamba waya ekhaya eziba inyoni. INgede yamumemeza ngokudinwa, “VIC-torr! VIC-torrr!” UGingile wama wagqolozela inyoni encane,wahleka kakhulu. “Uyalufuna uju, uyalufuna mngani wami? Ha! Imina engenze wonke umsebenzi, ngaze ngathola nokutinyeleka. Kungani kumele ngikuphe uju lwami olumnandi kangaka?” Wasuka wahamba. INgede yathukuthela! “Ayikho enye into engingayenza! Kodwa ngizoziphindiselela.”

لكن جنجيل أطفا النار والتقط رمحه وعاد أدراجه إلى منزله متناسياً العصفور، دليل المناحل. صاح العصفور غاضباً: “فيكتور، فيكتور …”. توقف جنجيل عن السير وحدق في العصفور الصغير وانفجر ضاحكاً: “هل تريد بعضا من العسل يا صديقي؟ لكن أنا من قام بالعمل كله وتحملت كل تلك اللدغات لوحدي… فلماذا إذن أقتسم هذا العسل الرائع معك؟”. ثم ذهب بعيداً. استشاط نجيد غضبا بعد أن تأكد من أن لا سبيل للتفاهم مع جنجيل وقرر بأن ينتقم لنفسه.


Ngelinye ilanga sekuphele amasonto ambalwa, uSibusiso waphinda wezwa umsindo weNgede. Wakhumbula loluya luju olwalumnandi, walangazelela ukuyilandela inyoni futhi. Emva kokuba iNgede imholile uSibusiso kwaze kwaba sekupheleni kwehlathi, iNgede yama yaphumula esihlahleni sameva. “Ahh,” kucabanga uSibusiso. “Kufanele ukuba isidleke sikuso lesi sihlahla.” Ngokushesha wakha umlilo omncane waqala wanwebela, isikhuni esesibambe ngamazinyo. iNgede yama yabukela.

وفي يوم من الأيام، وبعد بضعة أسابيع من ذلك اللقاء، سمع جنجيل صوت نجيد يبشر من جديد بوجود العسل. تذكر جنجيل طعم العسل اللذيذ وبدأ يتبع العصفور من جديد وبكل شغف. وبعد أن قاد العصفور جنجيل على طول حافة الغابة توقف ليستريح تحت شجرة كبيرة مظللة ذات أشواكٍ. فكر جنجيل: “أه… لا بد أن تكون خلية النحل في تلك الشجرة”. أسرع جنجيل بإشعال نار صغيرة وبدأ يتسلق الشجرة وعود الدخان بين أسنانه. في الأثناء كان نجيد قابعا يراقب عن كثب ما كان يحدث.


USibusiso wanwebela, ezibuza ukuthi kungani pho engawuzwa lomsindo ojwayelekile wokububula kwezinyosi. “Mhlawumbe isidleke sisekujuleni kwalesisihlahla,” ezicabangela. Wadlulela kwelinye igatsha. Esikhundleni sokuthola isidleke wazithela ebusweni bengwe! Ingwe yathukuthela kabi ukuthi iphazanyiswe ebuthongweni bayo. Yavula amehlo, nomlomo yaveza amazinyo amakhulu acijile.

تسلق جنجيل الشجرة مستغرباً من عدم سماع طنين النحل الذي تعود سماعه. وقال مخاطبا نفسه: “قد تكون الخلية في عمق الشجرة.” ثم واصل تسلق أغصان الشجرة، لكن حدث ما لم يحسب جنجيل حسابه، وعوض أن يجد خلية النحل، وجد نفسه محدقا في وجه نمرة كانت مغتاظة بعد أن وقع قطع نومها بكل تعسف. أغمضت النمرة عينيها وفتحت فمها وكشرت عن أنيابها الضخمة الحادة.


Ngaphambi kokuba iNgwe imudle uSibusiso, wehlika ngokushesha esihlahleni. Kulokho kushesha kwakhe wageja igatsha lesihlahla, wabhamazeka phansi, wakuquka iqakala. Waxhugeza ngakho konke okusemandleni. Ngenhlanhla yakhe, iNgwe yayisaphethwe ubuthongo ukuthi ingamusukela. Ingede kwabe sokungu kuziphindiselela kwayo. Kanti noSibusiso wafunda isifundo.

وقبل أن تنقض عليه النمرة، أسرع جنجيل بالنزول من أعلى الشجرة، لكنه أخفق في مسك غصن من أغصان الشجرة وسقط مدوياً على الأرض فالتوى كاحله عند السقوط. واصل جنيجيل طريقه يعرج، بالسرعة التي يخولها له كاحله الملتوي. ولحسن حظه أن النمرة كانت لازالت تحت تأثير النعاس فلم تلحق به. انتقم نجيد، دليل المناحل، لنفسه ولقن جنجيل درسا لن ينساه.


Abantwana nabazukulu bakaSibusiso uma bezwa indaba yeNgede, bayihlonipha kakhulu. Njalo uma beyotapa izinyosi bayaqinisekisa ukuthi bashiya ikhekheba lekhethelo kwiNgede!

وهكذا، كلما سمع أبناء جنجيل قصة نجيد إلا واحترموا هذا العصفور الصغير. كما كانوا كلما ذهبوا لجمع العسل إلا وأصروا على أن يتركوا له أكبر قطعة من الشهد.


كُتِب بواسطة: Zulu folktale
رسمة بواسطة: Wiehan de Jager
بترجمة: Phumy Zikode
قرأه: Beauty Ngwenya
لغة: الزولوية
مستوى: المستوى 4
المصدر: The Honeyguide's revenge از القصص الأفريقية القصيرة
رخصة المشاع الإبداعي
تحت مجوز المشاع الإبداعي نَسب المُصنَّف 3.0 دولي کریتز کامنز به نشر رسید.
بیشتر بخوانید سطح 4 داستان ها:
خيارات
العودة لقائمة القصص تحميل بصيغة PDF