下载 PDF
返回故事列表

Unkukhu Noshongololo 鸡和千足虫

作者 Winny Asara

插图 Magriet Brink

译文 Margaret Nokuthula Zondi

配音 Beauty Ngwenya

语言 祖鲁语

级别 3级

将整故事念出来

播放速度

自动念故事


UNkukhu noShongololo babengabangani. Kodwa babehlala bencintisana. Ngelinye ilanga banquma ukudlala ibhola lezinyawo befuna ukubona ukuthi ubani owayengumpetha.

鸡和千足虫是好朋友,但是它们又互相竞争。有一天,它们决定进行一场足球比赛,看看谁是最棒的球员。


Baya enkundleni yebhola lezinyawo basebeqala umdlalo wabo. UNkukhu wayeshesha, kodwa uShongololo wayeshesha kakhulu. UNkukhu wayelikhahlela liye kude, kodwa elikaShongololo laliya kude kakhulu, uNkukhu waqala manje ukukhononda.

它们去了球场,开始比赛。鸡跑得飞快,但是千足虫跑得更快。鸡把球踢得很远,但是千足虫踢得更远。鸡开始有点闷闷不乐。


Banquma ukuba bakhahlele amaphenathi. Kwaqala uShongololo ukuba avimbe emagoli. UNkukhu wafaka igoli elilodwa kuphela. Emva kwalokho kwasekuba ithuba likaNkukhu ukuvika ukungena kwegoli.

最后,它们决定来一场点球大战。第一轮中,千足虫当守门员,鸡只拿到了一分。然后,在第二轮中,鸡做守门员。


UShongololo wakhahlela ibhola langena ezintini. UShongololo wapheceza ejika nebhola langena. UShongololo walishaya ngekhanda ibhola langena ezintini. UShongololo washaya amagoli amahlanu.

千足虫猛地一踢,球进了。千足虫运球飞快,又进了一球。千足虫跳起来,打了个头球,又得了一分。千足虫一共得了五分。


UNkukhu kwamthukuthelisa ukuthi uhluliwe. Wayengakubekezeleli ukuhlulwa. UShongololo wavele wamhleka ngoba umngane wakhe wayesexakanisekile.

鸡输了,它很生气。千足虫哈哈大笑,因为它的朋友输了球,就无理取闹。


UNkukhu wayesethukuthele kakhulu waze waligwinya ishongololo.

鸡生气极了,它张开嘴,一口把千足虫吞了下去。


Kuthe uNkukhu eseya ekhaya,nwahlangana noMama Shongololo. UMama Shongololo wabuza, “Uke wayibona ingane yami?” UNkukhu akaphendulanga. UMama Shongololo wakhathazeka.

鸡回家的路上,遇到了千足虫妈妈。千足虫妈妈问它:“你看见我的孩子了吗?”鸡什么都没说,千足虫妈妈很担心。


UMama Shongololo wezwa izwi elincane. “Ngelekelele Mama!” kukhala izwi. UMama Shongololo waqalaza walalelisisa, izwi laliqhamuka ngaphakathi enkukhwini.

千足虫妈妈突然听到了一阵微弱的声音:“快帮我,妈妈!”千足虫妈妈看了看周围,仔细地听着,声音是从鸡身体里传出来的。


UMama Shongololo wamemeza, “Sebenzisa amandla akho akhethekile mntanami!” Amashongololo akwazi ukukhipha iphunga elibi azenze anambitheke kabi. UNkukhu wazizwa efikelwa ukucanuzela kwenhliziyo.

千足虫妈妈大喊道:“快用你神奇的能力!”千足虫会产生一种很难闻的味道,会让鸡觉得很恶心。


UNkukhu wagonyuluka. Wabuye wagwinya wakhafula. Wathimula, wakhwehlela kaningi. Ishongololo lalinyanyeka!

鸡打了一个嗝,咕噜咕噜要吐了,又是打喷嚏又是咳嗽。千足虫太恶心了!


UNkukhu wakhwehlela laze laphuma laqhasha ishongololo elalisesiswini sakhe. UMama Shongololo nengane yakhe banwabuzela bakhuphuka ngesihlahla bayocasha.

鸡不停地咳嗽,直到把千足虫从胃里咳了出来。千足虫妈妈和孩子赶紧爬上树,藏了起来。


Kusukela ngalelo langa, izinkukhu namashongololo baba yizitha.

从此以后,鸡和千足虫就变成了敌人。


作者: Winny Asara
插图: Magriet Brink
译文: Margaret Nokuthula Zondi
配音: Beauty Ngwenya
语言: 祖鲁语
级别: 3级
出处: 原文来自非洲故事书Chicken and Millipede
共享创意授权条款
本着作系采用共享创意 署名 3.0 未本地化版本授权条款授权。
选项
返回故事列表 下载 PDF