تحميل بصيغة PDF
العودة لقائمة القصص

UMagozwe ماقزوي

كُتِب بواسطة Lesley Koyi

رسمة بواسطة Wiehan de Jager

بترجمة Margaret Nokuthula Zondi

قرأه Beauty Ngwenya

لغة الزولوية

مستوى المستوى 5

سرد للقصة كاملة

سرعة القراءة

تشغيل تلقائي للقصة


Edolobheni elinyamfukayo iNairobi, kude le nempilo yekhaya enokunakekela, kwakuhlala iqembu labafana abangenamakhaya. Kubona usuku lwalufana nolunye. Ekuseni ngelinye ilanga abafana babeqoqa amacansi abo kade belele onqenqemeni olubandayo lomgwaqo. Babasa umlilo ngemfucuza ukuze baxoshe amakhaza. Phakathi kwaleli qembu kwakunomncane kubo bonke uMagozwe.

في مدينة نيروبي الصاخبة، بعيداً عن الحياة العائلية ودفئها، يعيش مجموعة من الصبيان بدون مأوى. كانوا يستقبلون كل يوم كما يأتي، لا أمل لهم فيه. وفي صباح أحد الأيام، أخذ الأطفال يحزمون حصائرهم بعد النوم على الأرصفة الباردة، ثم أشعلوا ناراً مما وجدوه من قمامة لمقاومة البرد. كان ماقزوي أحد هؤلاء الصبيان وكان أصغرهم سناً.


Wayeneminyaka emihlanu kuphela, khathi abazali bakhe beshona.Waya kohlala nomalume wakhe. Indoda le ayizange iyinakelele ingane. Wayemncisha ukudla. Wayemenzisa umsebenzi omningi olukhuni.

كان ماقزوي يبلغ من العمر خمس سنوات عندما توفي والداه، فانتقل للعيش مع خاله. لكن هذا الرجل لم يكترث بالطفل ولم يوفر له القدر الكافي من الطعام كما كان يجبره على القيام بأعمال شاقة.


Uma ngabe uMagozwe ekhononda noma efuna incazelo, umalume wakhe wayemshaya. Uma uMagozwe ebuza ukuthi angaya yini esikoleni, umalume wayemshaya athi, “Uyisiduphunga kakhulu ukuthi kukhona ongakufunda.” Emva kweminyaka emithathu yokuphatheka kabi, uMagozwe wabaleka kwamalume wakhe. Waqala ukuhlala ezitaladini.

وكان أيضاً يضربه كلما استفسر ماقزوي عن أمر أو تذمر من كثرة العمل. وعندما طلب ماقزوي من خاله أن يسمح له بالذهاب إلى المدرسة ضربه من جديد قائلا: “أنت غبي جدا ولن تتعلم أي شيء”. وبعد ثلاث سنوات من هذه المعاملة القاسية، هرب ماقزوي من خاله وبدأ يعيش في الشارع.


Kwakunzima ukuhlala ezitaladini kanti abafana babezabalaza nsukuzonke ukuthola ngisho ukudla. Kokunye babeboshwa, bashaywe. Kwakungenamuntu wokubanakekela uma begula. Leli qembu lalisimamiswa imadlana elaliyithola uma liyicela kwabedlulayo, noma uma lithengisa ocwazi nokunye okungabuye kusebenziseke. Impilo yayibanzima kakhulu ngenxa yezimpi namanye amaqembu abangayo ayefuna ukuphatha izindawo ezithile edolobheni.

كانت الحياة في الشارع صعبة وكان أغلب الأطفال يعانون يومياً من أجل لقمة العيش. فكانت الشرطة تلقي عليهم القبض أحياناً، وأحياناً أخرى كانوا يتعرضون للضرب. وكانوا إذا ما مرضوا لا يجدون من يقدم لهم يد المساعدة. كانت مجموعة الأطفال تعتمد على النزر القليل من المال الذي كانوا يحصلون عليه من التسول ومن بيع البلاستيك ومواد أخرى مما تقع إعادة تدويره. كانت الحياة تزداد صعوبة خاصة بسبب المعارك التي تحدث بين جماعات الأطفال المتنافسة من أجل السيطرة على أحياء المدينة.


Ngelinye ilanga uMagozwe ecinga emgqonyeni kadoti,wathola incwadi endala negugile. Wayithintitha eyisusa ukungcola waseyifaka esikhwameni sakhe. Nsukuzonke emva kwalokhu wayeyikhipha incwadi abuke izithombe. Wayengakakwazi ukufunda amagama.

وفي يوم من الأيام، بينما كان ماقزوي يبحث في صناديق القمامة عن شيء يأكله، إذ به يجد مجموعة قصص رثة ممزقة. قام ماقزوي بتنظيف القصص من الأوساخ ووضعها في جرابه. وكان كل يوم يخرج الكتاب من كيسه وينظر إلى الصور، إذ لم يكن ماقزوي يعرف قراءة الكلمات.


Izithombe zazixoxa indaba yomfana owakhula waba umqhubi wezindiza. UMagozwe wayehlala ephupha ngokuba umqhubi wezindiza. Kokunye, wayezibona eyilo mfana okuxoxwa ngaye endabeni.

كانت الصور تحكي قصة طفل نشأ ليكون طياراً. أصبح ماقزوي يمضي يومه حالماً بأن يكون طياراً، وكان من حين لآخر يرى نفسه مكان ذاك الولد الذي تصفه الصور.


Kwakumakhaza uMagozwe emi emgwaqeni ecela imali.Kwafika indoda eyathi kuye, “Sawubona, nginguThomas. Ngisebenza eduze kwalapha, endaweni ongathola khona ukudla,” Yakhomba indlu ephuzi enophahla oluluhlaza okwesibhakabhaka. “Ngethemba uzoya khona uzothola ukudla?” kubuza indoda. UMagozwe wayibuka indoda, wabuka nendlu wasethi, “Mhlawumbe.” Wasuka wahamba.

كان الجو بارداً وكان ماقزوي يقف متسولاً في الطريق عندما تقدم إليه رجل قائلا: “أهلاً… أنا توماس. أعمل قريباً من هنا، في مكان يمكن أن تجد فيه شيئاً تأكله”. وأشار بإصبعه إلى منزل أصفر ذي سقف أزرق، وسأل ماقزوي: “ألا ترغب في الذهاب إلى هناك لتناول بعض الطعام؟”. نظر ماقزوي إلى الرجل ثم إلى المنزل وقال: “ربما” وانصرف بعيداً.


Ezinyangeni eziningi ezilandelayo, abafana abangenamakhaya baze bajwayela ukubona uThomas endaweni. Wayethanda ukukhuluma nabantu, ikakhulu abahlala ezitaladini. UThomas wayelalela izindaba ngezimpilo zabantu. Wayezimisela enesineke futhi, wayengakaze abeluhlaza futhi engenayo indelelo. Abanye abafana baqala ukuya endlini ephuzi nokuluhlaza beyothola ukudla emini.

توالت الأشهر بعد ذلك، وتعود الأولاد المشردون على رؤية توماس يرتاد المكان الذي يتواجدون فيه. كان يحب الحديث إلى الناس، وخاصة من كانوا يعيشون في الشوارع. كان يستمع إلى قصص حياتهم. وكان جدياً، صبوراً، ولم يكن قاسياً أبداً ولا قليل الاحترام لهم. بدأ بعض الصبيان يترددون على المنزل ذي اللونين الأصفر والأزرق للحصول على ما يسد رمقهم عند منتصف النهار.


UMagozwe wayehlezi onqenqemeni lomgwaqo ebuka izithombe encwadini yakhe lapho uThomas efika ehlala eduze kwakhe. “Imayelana nani le ndaba?” kubuza uThomas “Imayelana nomfana obangumqhubi wezindiza,” kuphendula uMagozwe. “Ubani igama lomfana?” kubuza uThomas. “Angazi, angikwazi ukufunda,” kusho uMagozwe kancane.

كان ماقزوي يوما ما جالساً على الرصيف يتأمل كتاب الصور عندما جلس توماس لجانبه وسأله: “عما تحكي هذه القصة؟”. أجاب ماقزوي: “عن ولد أصبح طياراً”. قال توماس: “ما اسم هذا الولد؟” أجاب ماقزوي بهدوء: “لا أعرف. لا أستطيع القراءة”.


Kwathi lapho behlangana futhi uMagozwe waqala ukuxoxela uThomas indaba yakhe. Kwakuyindaba kamalume wakhe nesizathu sokubaleka kwakhe. UThomas kazange akhulume kakhulu futhi kazange atshele uMagozwe ukuthi akenzenjani, wayegcina ngokulalela ngokucophelela. Kokunye babexoxa lapho bedla endlini enophahla oluluhalza okwesibhakabhaka.

عندما تقابلا، بدأ ماقزوي يسرد قصته على توماس، قصته مع خاله وكيف هرب منه. لم يتكلم توماس كثيرا، ولم يُمْلِ على ماقزوي ما يجب عليه فعله، لكنه كان يصغي إليه بانتباه طوال الوقت. وكانا أحياناً يواصلان حديثهما بينما يتناولان الطعام في المنزل ذي السقف الأزرق.


UMagozwe esezohlanganisa iminyaka eyishumi, uThomas wamupha enye incwadi. Kwakuyindaba yomfana wasedolobheni elincane owakhula waba umdlali webhola odumile. UThomas wafundela uMagozwe le ndaba izikhathi eziningi, kwaze kwathi ngelinye ilanga wathi, “Ngibona ukuthi sekuyisikhathi sokuthi uye esikoleni ufunde ukuzifundela. Ubona kanjani?” UThomas wachaza ukuthi kukhona indawo ayaziyo lapho izingane zingahala khona, futhi zifunde.

وبحلول عيد ميلاد ماقزوي العاشر، أهداه توماس قصةً جديدةً. كانت القصة تحكي عن ولد نشأ في قرية ليصبح بعد ذلك لاعب كرة قدم مشهور. قرأ توماس القصة مرات عديدة لماقزوي، ثم قال له في أحد الأيام: “أظن أن الوقت قد حان لتذهب إلى المدرسة وتتعلم القراءة، ما رأيك؟” وأوضح له بأنه يعرف مكانا يمكن لأطفال الشوارع أن يقيموا فيه ويرتادوا المدرسة.


UMagozwe wacabanga ngale ndawo entsha, nangokuya esikoleni. Kunganjani uma ngabe umalume wakhe wayeqinisile lapho ethi uyisiduphunga engeke sifunde lutho? Kwakuyothiwani uma eshaywa lapho? Wayesaba. “Mhlawumbe kungcono ngiqhubeke nokuhlala esitaladini,” ecabanga.

فكر ماقزوي في هذا المكان الجديد وفي الذهاب إلى المدرسة وتساءل: “ماذا لو كان خاله على حق حينما نعته بالغبي؟ لن يستطيع تعلم أي شيء عند ذلك. ماذا لو قاموا بضربه في ذاك المكان الجديد؟” شعر ماقزوي بالخوف وقال محدثا نفسه: “قد يكون من الأفضل لي مواصلة العيش في الشارع”.


Wacobelela uThomas ngovalo analo. Kaningi emmisa isibindi ukuthi impilo yakhe ingabangcono.

أعلم ماقزوي توماس بمخاوفه. وبمرور الوقت طمأن توماس الصبي بأن الحياة قد تكون أفضل في المكان الجديد.


Kanjalo uMagozwe wathuthela ekameleni endlini eyayinophahla oluluhlaza njengotshani. Wayehlala nabanye abafana babili. Sebebonke ababehlala endlini kwakuyizingane eiyishumi. Kanye noAnti Cissy, nomyeni wakhe, izinja ezintathu, ikati nembuzi endala.

لذا انتقل ماقزوي للعيش بغرفة في منزل ذي سقف أخضر. تقاسم الغرفة مع صبيين آخرين. كان المنزل يضم عشرة أولاد إلى جانب العمة سيسي وزوجها وثلاثة كلاب وقطة وعنزة عجوز.


UMagozwe wasiqala isikole kwabalukhuni. Kwakukuningi okwakufanele akwazi ukuze aficane nabanye. Kwakukekuthi akayeke. Kodwa wayecabanga ngomqhubi wendiza nomdlali webhola ezincwadini zakhe.

بدأ ماقزوي الدراسة. كانت صعبة في البدء، وكان عليه أن يعمل جاهداً لتدارك ضعفه. مرت عليه لحظات يأس أراد فيها أن يغادر المكان لكنه كان في كل مرة يتذكر قائد الطائرة ولاعب كرة القدم اللذين تحكي عنهما القصص، وعقد العزم على ألا يغادر المدرسة وأن يواصل تعليمه.


UMagozwe wayehleli egcekeni lendlu eyayinophahla oluluhlaza, efunda incwadi yezindaba yesikole. UThomas wafika wahlala eduze kwakhe. “Imayelana nani le ndaba?” kubuza uThomas. “Imayelana nomfana owaba uthisha,” kuphendula uMagozwe. “Ubani igama lakhe?” kubuza uThomas “Igama lakhe uMagozwe,” kusho uMagozwe emamatheka.

وفي يوم من الأيام، كان ماقزوي جالسا في فناء المنزل ذي السقف الأخضر يقرأ قصة من المدرسة عندما أقبل توماس وجلس لجانبه سائلا: “عما تتحدث القصة؟” رد ماقزوي قائلا: “إنها تحكي عن صبي أصبح مدرسا” سأل توماس: “ما اسم هذا الصبي؟” أجاب ماقروي مبتسما: “اسمه ماقزوي”.


كُتِب بواسطة: Lesley Koyi
رسمة بواسطة: Wiehan de Jager
بترجمة: Margaret Nokuthula Zondi
قرأه: Beauty Ngwenya
لغة: الزولوية
مستوى: المستوى 5
المصدر: Magozwe از القصص الأفريقية القصيرة
رخصة المشاع الإبداعي
تحت مجوز المشاع الإبداعي نَسب المُصنَّف 4.0 دولي کریتز کامنز به نشر رسید.
بیشتر بخوانید سطح 5 داستان ها:
خيارات
العودة لقائمة القصص تحميل بصيغة PDF